UMASIPALA waseMzimkhulu ubambe imbizo eMyembe ngenhloso yokulalela izidingo zomphakathi nokunikeza izimpendulo ngezinhlelo zentuthuko. Lembizo ibihanjelwe yiSekela leMeya uCllr Bhekamahlongwa Lukakayi, uSomlomo woMkhandlu uCllr Gugulethu Mavuma, uCllr Thandeka Machi, uCllr Lonwabo Ndzimande kanye noMphathi kaMasipala, uDkt Andile Ngqoyiya.
Enkulumweni yayo iMeya yomkhandlu uCllr Jabu Msiya ugcizelele ukuzibophezela komasipala ekuqhubekiseni intuthuko, ekuletheni izinsiza ezisezingeni kanye nasekuqiniseni ubudlelwano phakathi komasipala nomphakathi.
Ngemuva kwenkulumo, amalungu omphakathi anikezwe ithuba lokubeka imibuzo, ukwethula iziphakamiso nokuzwakalisa izinselelo ezibhekene nendawo.
Phakathi kwezindaba ezivezwe umphakathi kube ukulungiswa komgwaqo waseMyembe, ukwakhiwa kwebhuloho elizokwenza kube lula ukuhamba kwabantu nezimoto, kanye nokufakwa kukagesi emakhaya asanda kwakhiwa.
UCllr Msiya uqinisekise umphakathi ukuthi ukulungiswa komgwaqo waseMyembe sekubekwe eqhulwini ezinhlelweni zikamasipala, kanti nezinye iziphakamiso zizolandelwa ngokubambisana neminyango efanele ukuze kutholakale izixazululo ezisimeme.

