Umcimbi wabantu abadala

UBE yimpumelelo umcimbi wabantu abadala baseDr Nkosazana Dlamini-Zuma obubanjelwe eJunction ngaphansi kukaWadi 14.

UMeya kaMasipala Sindisiwe Msomi ubehambele lo mcimbi wokuhlonipha abantu abadala ehambisana noKhansela Bongekile Sgizori Memela kanye noKhansela weWadi 14 uThandazani Mladla.

Lo mcimbi ubuhanjelwe ogogo nomkhulu abavela kuwo wonke amawadi angaphansi kukamasipala kanye nabamele iminyango ehlukene kahulumeni, abebeyingxenye yokugubha nokuhlonipha iqhaza elibalulekile elibanjwa ngabantu abadala emiphakathini.

Okugqame kakhulu kulo mcimbi kube wukuthi uMeya Sindisiwe Msomi uphinde wapha ogogo nomkhulu izipho ezihlanganisa izingubo zokugqoka namathawula njengophawu lothando, ukubabonga kanye nokubakhuthaza ngeqhaza abalibambayo ekuthuthukiseni umphakathi. UMasipala uthe

uyaziqhenya ngabantu abadala futhi uyakubona ukubaluleka kokubanakekela, ukubahlonipha nokubazisa ngeqhaza labo ekwakheni imiphakathi enobumbano. Uthe iqhaza labo kwezemidlalo, ikakhulukazi emidlalweni yabantu abadala iyisibonelo esihle sokuthi iminyaka ayisona isithiyo ekubeni nempilo esebenzayo nokubamba iqhaza emphakathini.

Lo mcimbi uphinde wagcizelela ukuzibophezela kukaMasipala ekuqhubekeni nokusebenzisana nabantu abadala kanye neminyango kahulumeni ukuqinisekisa ukuthi bayahlonishwa, bayasekelwa futhi bayazizwa beyingxenye ebalulekile yomphakathi.

Recent News

follow us

opinion

Recent News

Subscribe and be informed first hand about the actual local news

All the day’s headlines and highlights. Direct to you every morning.

You have been successfully Subscribed! Ops! Something went wrong, please try again.