Injabulo kunikezelwa ngezitifiketi

IMEYA yomasipala wase Johannes Phumani Phungula uBathobile Ngubo inikezele ngezitifiketi kwabaphothule ngempumelelo izifundo zeBasic Computer emcimbini obubanjelwe eXobho.

Lezi zifundo ebezenziwa kumtapo wolwazi oseXobho bezihlose ukuhlomisa abafundi ngamakhono ayisisekelo okusebenzisa amacomputer kanye nobuchwepheshe bolwazi ukuze bakwazi ukusebenzisa lamakhono emisebenzini yabo yansuku zonke ekufuneni amathuba omsebenzi nasekuthuthukiseni amabhizinisi abo.

Obekuqukethwe wuqeqesho kubalwa ukuthayipha ngokushesha, ukwakha nokufometha i-CV kanye nencwadi ehambisana nesicelo somsebenzi, ukuhlela nokuhlela kabusha amadokhumenti, kanye nokuwagcina nokuwaphrinta.

Ngaphezu kwalokho, abafundi bathole ulwazi ngokusebenzisa i-inthanethi kanye nokusebenzisa i-inthanethi ukwenza ucwaningo.

Baphinde bafunda ngokusetshenziswa kwe-e-mail, ukuvula ama-account e-mail, ukuthumela nokwamukela imiyalezo kanye nokuthumela amadokhumenti.

Ngesikhathi kunikezelwa izitifiketi, kugcizelelwe ukubaluleka kokuthola amakhono obuchwepheshe obusiza abantu ukuba bakwazi ukubhekana nezidingo zomhlaba wanamuhla, lapho ulwazi lwama-computer selubalulekile emikhakheni ehlukahlukene, okubalwa kuyo imfundo, ezamabhizinisi kanye nezemisebenzi.

Recent News

follow us

opinion

Recent News

Subscribe and be informed first hand about the actual local news

All the day’s headlines and highlights. Direct to you every morning.

You have been successfully Subscribed! Ops! Something went wrong, please try again.