IMEYA kaMasipala waseMuziwabantu uSboniso Zungu isamukele isinqumo sikaMEC wezeMpilo KwaZulu-Natal Nomagugu Simelane sokuqamba kabusha umtholampilo waseSantombe ngokuthi iKwaFodo Clinic. Ukuqanjwa kabusha kwalo mtholampilo kulandela isicelo seNkosi uSenzo Dlamini, iNkosi yakwaFodo, ngenhloso yokugcina nokuhlonipha umlando, amagugu kanye nobunjalo bomphakathi wakwaFodo.
Ekhuluma ngokubaluleka kwalesi sinqumo, Simelane uthe imitholampilo kahulumeni ingeyemiphakathi eyisebenzelayo ngakho kubalulekile ukuthi amagama ayo akhombise umlando namagugu aleyo miphakathi. Esemukela lesi sinqumo uZungu uthe uyasemukela futhi uyasithokozela, lokhu kukhombisa ukubaluleka kokusebenzisana phakathi kukahulumeni nobuholi bendabuko ekuqhubekiseleni phambili izidingo zomphakathi.
“Sibonga kakhulu kuMEC Simelane ngokulalela nokwamukela isicelo sethu. Igama lakwaFodo liqukethe umlando nobunjalo bomphakathi wethu, ngakho ukuqashelwa kwalo kuyinto ebaluleke kakhulu kithi,” kukhuluma iNkosi yakwaFodo nayo izwakalisa ukubonga.
Umtholampilo wakwaFodo owaqala ukusebenza ngonyaka 2011 uhlinzeka ngezinsiza zezempilo emiphakathini engaphansi kwamawadi amabili kanye neziphathimandla ezimbili zobuholi bendabuko. Ngonyaka odlule lo mtholampilo uhlinzeke ngezinsiza zezempilo kubantu abangaphezu kwezi 14 000.

