Kuhlolwa inqubekelaphambili ekuletheni intuthuko

UMZASIPALA wase Mzimkhulu ubambe ngempumelelo ‘Budget Retreat’ ethathe izinsuku ezimbili lapho kuhlangene khona ubuholi obuphezulu kanye nezikhulu zikamasipala. Lo mhlangano ubuhlanganise imeya, isekela-meya, usomlomo, usotswebhu, abaqondisi beminyango kanye nezinye izikhulu zikamasipala ngenhloso yokuhlola inqubekelaphambili ekuletheni intuthuko emphakathini waseMzimkhulu.

Kuphinde kwaxoxwa ngamathuba asengatholakala kanye nezinselelo ezibambezela ezinye izinhlelo.

Abaqondisi beminyango bethule imibiko eningiliziwe ngemisebenzi eyenziwe nemiphumela etholakele, kwase kuba yithuba lokuthi ubuholi bubabuze imibuzo ngokucacisa ukusebenza kweminyango.

Imeya uJabu Msiya ugcizelele ukubaluleka kokuziphendulela nokubonakala kwezinguquko emphakathini.

“Njengomasipala kumele siqinisekise ukuthi abahlali baseMzimkhulu bayalubona ushintsho. Kubalulekile futhi ukuthi sivume lapho singenzanga ngokwanele bese sibeka izixazululo ezifanele. Umphakathi wethu uyasisekela kakhulu, futhi kukhona okukhulu okuzayo maduze,” kusho uMsiya.

Izinkampani zokuxhumana, uVodacom noMTN, zinikezwe ithuba lokwethula izinhlelo zokuthuthukisa inethiwekhi eMzimkhulu. Ziphendule imibuzo eqondene nezinkinga zenethiwekhi ezithinta izigodi eziningi kwase kuvunyelwana ngomhlahlandlela wokusebenza, kanti izinhlelo zizokwethulwa maduze.

Kwesinye isigaba somhlangano, umqondisi wezezimali wethule incwadi equkethe iziphakamiso nezincomo zokwenza ngcono ukuphathwa kwezimali nokugwema ukusetshenziswa ngendlela engafanele.

Le ncwadi yamukelwe, kwase kuxoxiswana kabanzi ngemithelela yayo. Abahlanganyeli bavumelene ngokubaluleka kokuqinisa izinqubo zokulawula izimali, yize umasipala waziwa ngomlando wokuphatha kahle izimali ngaphansi kwengcindezi. “Kumele siqinisekise ukuthi akukho ukungahambi kahle ekuphatheni izimali zabantu. Ubuqotho nokuziphendulela kumele kube yimigomo esiyiphilayo nsuku zonke,” kuphetha uMsiya.

Recent News

follow us

opinion

Recent News

Subscribe and be informed first hand about the actual local news

All the day’s headlines and highlights. Direct to you every morning.

You have been successfully Subscribed! Ops! Something went wrong, please try again.