KUQOPHEKE umlando endaweni yaseNdab’ ayilali kuWard 5 kade umasipala waseMzimkhulu oholwa Ohloniphekile Cllr Jabu Msiya ethula ngokusemthethweni iholo lomphakathi elisha nelisezingeni elicokeme.
Leli holo laqala ukwakhiwa ngo October, 2024, laze laqedwa ngo December, 2025, okuyimpumelelo enkulu ekuthuthukiseni ingqalasizinda yomphakathi.
Lesi sakhiwo sakhiwe njengengxenye yokuzibophezela kukamasipala ekuthuthukiseni izindawo zomphakathi.
Ngesikhathi kwakhiwa lesisakhiwo kuvule amathuba wobasebenzi alinganiselwa ku-26.
“Siwumasipala sizimisele ekuqinisekiseni ukuthi isithunzi somphakathi wakithi siyavikeleka, ungasweli indawo yokuhlanganela neyokwenzela imicimbi. Sifisa ukufaka inselelo kumphakathi wakithi ukuthi unakekele lengqala-sizinda” kusho iMeya yalo masipala uJabu Msiya.
Kanti futhi leli holo liphinde laqanjwa ngegama leNkosi eyakhothama ngo-2022, uNdabezitha Nkosiyezwe Msingaphantsi, futhi selibizwa ngokuthi yiNkosiyezwe Community Hall. UNdabezitha we Zwelethu Traditional Council wesizwe samaBhaca, iNkosi Ntobeko Msingaphantsi, ubonge umphakathi wase Ward 5 kanye nomasipala waseMzimkhulu ngokukhumbula lesi sizwe njengoba usakhela leli holo kanye nesikhumbuzo esibonisa ukubonga kulesi sizwe.
Umphakathi nawo ubonakalise injabulo enkulu ngamahubo, waphinde wazibophezela ukuthi uzolinakekela leli holo.

