Umshini wokuqinisa ezokuphepha eMzimkhulu

UMASIPALA waseMzimkhulu uqinise imizamo yokuphepha emigwaqweni ngokuthenga umshini wesimanje wokuhlola izimoto. Lomshini uzosiza amaphoyisa omgwaqo ukuthola nokubhekana nokwephulwa kwemithetho yomgwaqo.

Wethulwe ngokusemthethweni ngumasipala. Echaza ngokusebenza kwalo mshini, uThami Ngubo ophethe uMnyango wamaPhoyisa omgwaqo kuMasipala, uthe ufakwe ubuchwepheshe besimanje obuzokwenza umsebenzi wamaphoyisa ube lula futhi usheshe.

“Lo mshini unamakhamera nezikrini ezivumela amaphoyisa ukuthi aqaphe indawo ezungeze lapho kuhlolwa khona izimoto. Ubuye ube nobuchwepheshe obukwazi ukufunda izinombolo zamapuleti ezimoto, okusiza ekuhloleni imininingwane yezimoto kanye nezinhlawulo zomgwaqo ezingakakhokhwa,” ukhulume washo uNgubo.

Ubuye wathi lomshini unobuchwepheshe bokuskena izincwadi zokushayela ukuze kube lula ukuhlola imininingwane yabashayeli.

Lezi zinsiza zizokwenza ukuhlolwa kwezimoto nabashayeli kuphumelele ngendlela esheshayo nenembayo.

Ngokusho kuka masipala, wonke amaphoyisa omgwaqo kaMasipala waseMzimkhulu aseqeqeshiwe ngokusetshenziswa kwalo mshini nobuchwepheshe bawo.

Umcimbi wokwethulwa kwawo uphele ngokunikezwa kwamaphoyisa izitifiketi zokuqinisekisa ukuqeqeshwa kwawo.

Recent News

follow us

opinion

Recent News

Subscribe and be informed first hand about the actual local news

All the day’s headlines and highlights. Direct to you every morning.

You have been successfully Subscribed! Ops! Something went wrong, please try again.