KUBE usuku lwenjabulo eHarding kuMasipala waseMuziwabantu ngesikhathi uMEC wezokuThutha KwaZulu-Natal uSiboniso Duma ethula izinhlelo zentuthuko okuhlanganisa ukwakhiwa kwezindlu ezintsha nokulungiswa komgwaqo uP61.
Umphakathi uphume ngobuningi ukuzokwamukela le ntuthuko. Lolu suku luphinde lwahlonishwa ukubamba iqhaza kwamakhosi aseNdlunkulu okubalwa kuwo iNkosi Dlamini yaKwaFodo, iNkosi Jali, iNkosi Zungu, iNkosi Dumisa kanye neNkosi Mbotho.
IMeya yaseMuziwabantu uSboniso Zungu ikwamukele ngezandla ezifudumele ukwethulwa kukasonkontileka ozolungisa umgwaqo uP61 njengoba lokhu kusho ukuthi umsebenzi usuzophinde uqhubeke. IMeya ihalalisele umphakathi ngale ntuthuko osekunesikhathi uyilindele yaphinde yabonga uMEC Duma noHulumeni wesiFundazwe ngokuzibophezela ekuqinisekiseni ukuthi lo mgwaqo obalulekile ekuxhumaniseni imiphakathi nasekuthuthukiseni kwendawo.

