Umasipala uhloniphe usuku lukaMandela

SIPHELELE NKETO

NGENHLOSO yokuhlonipha usuku lukaMongameli wokuqala wentando yeningi uDkt Nelson Mandela, amaKhansela, abasebenzi baMaspala Umuziwabantu kanye namalungu omphakathi banikele ngesikhathi sabo bakhuculula imfucuza esezindaweni ezahlukene edolobheni lase Harding.

Imeya yoMaspala uKhansela Sboniso Zungu nokunguye obehola lomkhankaso wokukhucululwa kwedolobha, ukuthakasele ukubona abasenzi kanye nomphakathi bephume ngobuningi babo bezonikela ngesikhathi sabo: “Siwumkhandlu sibone kukuhle sibe ingxenye yomhlaba wonke sigubhe lolusuku lukaMandela ngokwenza okuhle emphakathini sikhuculule lelidolobha ndawonye sibambisene. Ukuzinikela kwenu namhlanje kuveza ngokusobala ukuthi uma sibambisene nemiphakathi yethu kuningi esingalwisana nacho.”

Recent News

follow us

opinion

Recent News

Subscribe and be informed first hand about the actual local news

All the day’s headlines and highlights. Direct to you every morning.

You have been successfully Subscribed! Ops! Something went wrong, please try again.