Uhlelo oluhlose ukulwa nemililo yezintaba

NGAPHANSI koMasipala wase Dr Nkosazana Dlamini Zuma Local Municipality eBulwer kaWadi 10 kube nokwethulwa ngokusemthethweni kohlelo oluhlose ukulwa nemililo yezintaba kanye nokwamukelwa kwamavolontiya azosebenza ngaphansi kwawo wonke ama wadi akulo masipala.

Lolu hlelo luhlose ukulwa nemililo yezintaba kanye nokusiza umphakathi ngesikhathi sezinhlekelele zemvelo.

Amavolontiya amasha azoba yingxenye yomnyango wezokuphatha izinhlekelele lapho ezoba negalelo elikhulu ekuvikeleni nasekusizeni izakhamuzi uma kuvela izimo eziphuthumayo.

Umcimbi ubuhanjelwe yizikhulu ezahlukene zamasipala kanye nethimba elivela kuMnyango we-CoGTA.

Ekhuluma emcimbini uMeya Sindi Msomi wamukele ngokufudumele wonke amavolontiya kanye nabahlanganyeli bohlelo lwe-Working on Fire.

Uthe noma bengamavolontiya lokhu kuyithuba elihle lokuthi bavuleleke eminye iminyango futhi wafakazela ukuthi umsebenzi wabo ubalulekile ekuvikeleni nasekusizeni umphakathi. Uphinde wagqugquzela bonke ukuthi basebenze ngokuzimisela nangesibopho.

Recent News

follow us

opinion

Recent News

Subscribe and be informed first hand about the actual local news

All the day’s headlines and highlights. Direct to you every morning.

You have been successfully Subscribed! Ops! Something went wrong, please try again.