Umcimbi wezintombi eMzimkhulu

UHLELO lwezintombi oluqhutshwa umasipala waseMzimkhulu luphothulwe ngempumelelo. Lolu hlelo, oluqhutshwa yiHhovisi lezoCiko namaSiko, luholwa ngaphansi kobuholi bemeya yomasipala uJabulile Msiya.

Luhlanganise amawadi angama-22 ngaphansi kwama-zone ayisithupha, lunikeza amantombazane asemasha inkundla yokuxoxa ngezinselelo abhekene nazo emphakathini. Ngesikhathi sohlelo izintombi zikwazile ukwabelana ngemibono futhi zaphakamisa nezixazululo ezingasiza ekwakheni umphakathi ongcono ogxile ekuziphatheni okuhle nasekugcineni amasiko.

Usihlalo wonomehlo eMzimkhulu uNkskz Jaca ugcizelele ukubaluleka kokubambisana phakathi komphakathi, imindeni kanye nezinhlaka zikahulumeni ekukhuliseni intsha enesimilo esiqinile.

UMphathi woHlelo lwezoCiko namaSiko uNksz Fundiswa Sondzaba uveze ukuthi umasipala uzibophezele ekuqinisekiseni ukuthi amasiko aseMzimkhulu ayagcinwa futhi ayadluliselwa ezizukulwaneni ezizayo kanti amathuba okuthuthukisa amaciko ayaqhubeka nokwandiswa.

Khonamanjalo, uNksz Zanele Mginqizana waseHhovisi le-HIV/AIDS ubonge izintombi ngokuphuma ngobuningi bazo ukuzothamela lolu hlelo, wathi lokhu kukhombisa ukuzimisela kwentsha ekufundeni nasekugcineni amasiko.

Lolu hlelo luthathe izinsuku eziyisithupha, luhambele wonke amawadi aseMzimkhulu futhi luphethe ngokuthi kube yimpumelelo enkulu ekwakheni nasekuqiniseni isithunzi samantombazane asemasha.

Recent News

follow us

opinion

Recent News

Subscribe and be informed first hand about the actual local news

All the day’s headlines and highlights. Direct to you every morning.

You have been successfully Subscribed! Ops! Something went wrong, please try again.