Siphelele Nketo
UMASIPALA waseMzimkhulu kade ugubha iviki lomtapo wolwazi (Library Week) ngokuholwa uCllr Sindisiwe Nkala njengosihlalo.
Umgubho waleliviki ubusendaweni yase eLourdes High School kuWard 6 lapho kugqugquzelwe abafundi ukuthi bathande ukufunda, bathuthukise amakhono okucabanga, futhi bazimele ekufuneni ulwazi.
Imitapo yolwazi ayigcini nje ngokuba yindawo yokubolekwa kwezincwadi, kodwa iyizikhungo ezibalulekile zokuthuthukisa imfundo, ubuhlakani, kanye nentuthuko yasekhaya nomphakathi.
Lesi sikole sibe nenhlanhla yokuvakashelwa Amawele aseChesterville, uSiphiwe noSimphiwe Vilakazi, kanye noMvuselelo Mthembu, usihlalo we-SASCO KwaZulu-Natal, lapho begqugquzele abafundi ngokubaluleka kokusebenzisa izinsiza zokufunda futhi bebakhuthaza ukuthi benze izinqumo ezifanele ngokukhetha izifundo ezizoshintsha izimpilo zabo uma sebelungisela ukuya kwimfundo ephakeme.
UCllr Nkala udalule ukuthi kulomasipala kukhona amathuba amaningi okusiza abafundi abapase uGrade 12 kanye nentsha yaseMzimkhulu.
Lokhu kuhlanganisa ukwesekwa kwabafundi ngesikhathi sokubhalisa kuma universities nokubakhuthaza ukukhetha izifundo zabo ngokuhlakanipha ukuze bakwazi ukushintsha izimpilo zabo.
Abafundi baphiwe izinsiza zokufunda, okufaka obhaka kanye nezinye izinto eziningi ezisiza ekuthuthukiseni ukufunda kwabo nsuku zonke.

