KUBE injabulo yodwa kwimiphakathi yase Ward 5 nase Ward 6 lapho iMeya kaMasipala Umuziwabantu uSiboniso Zungu ihlabe amasoyi ngenhloso yokwethula ukwakhiwa kwemigwaqo ukuze kuthuthukiswe izingqalasizinda ezindaweni zasemakhaya.
Isoyi lokuqala liphendulwe eWard 5 lapho okuthulwe khona usonkontileka ozokwakha umgwaqo iMasimini osesigodini sase Mbangweni.
Emva kokuphothula lomsebenzi uZungu ube eseqhubekela esgodini sase Mshisweni esingaphansi kwa Ward 6 lapho ehlabe isoyi kumgwaqo iNtunjini.
Ekhuluma nemiphakathi ebihambele lemicimbi uZungu ukuqhakambise kakhulu ukubambisana kwemiphakathi nosonkontileka abazobe benza lemigwaqo. Waphinde wacacisa ukuthi lemigwaqo yomobili ekulindeleke iphothulwe emva kwezinyanga ezinhlanu ezizayo. Ukwakhiwa izoveza amathuba emisebenzi kumphakathi owakhele lezindawo.

