INTOKOZO nenjabulo ibibalwe ebusweni ngesikhathi umndeni wakwa Nzimande uthola izikhiye zendlu yawo entsha ngesikhathi kunomcimbi wokunikezelwa kwendlu. Umasipala wase Dr Nkosazana Dlamini-Zuma unikezele ngendlu ekwizinga eliphezlu kuMnu Zamokwakhe Nzimande ohlala kwaGaye ngaphansi kuka-Wadi 11.
“Lena ngenye yezindlela umasipala azisebenzisayo ukuphendula izidingo zemiphakathi yethu,” kusho uMeya Sindisiwe Msomi ngesikhathi enikezela ngendlu kumndeni wakwa Nzimande.
Lendlu yakhiwe ngaphansi kohlelo Operation Sukuma Sakhe.

