Umjaho uhlanganise abasubathi


UMCIMBI obuhlanganise abasubathi abavela emaqenjini ahlukene ubeyimpumelelo eMzimkhulu.

Lomcimbi ubuhlelwe yi-Mzimkhulu AC eVulekani Special School. Uhlanganise abasubathi abavela eKokstad, Ixopo kanye nase Umzimkhulu.

Imijaho iqale ngezingane ezincane, lapho uLiminathi Ndobe ephume phambili esigabeni sabesifazane. Kwesinye isigaba Esihle Chemane waseXopo uthole indawo yokuqala elandelwa Iminathi Khumalo Imnathi, kwathi Anothando Zulu naye wenza kahle kakhulu. UKwalunga Nodada wase Kokstad kanye no Andile Sibiya babephakathi kwabaphume phambili kwesinye isigaba.

Emijahweni yabantu abadala, uSanele Dzanibe noNguse Onwabe bagqame emjahweni wamakhilomitha amabili, kwathi uAnele Mzizi noSphesihle Mzizi nabo benza kahle.

Bonke abagijimi bakhombise ukuzimisela, nokuzinikela, kanti nabalandeli baphume ngobuningi bezobeseka.

Ekupheleni komcimbi abawinile baklonyeliswe ngezindondo njengophawu lokuhlonipha ukusebenza kwabo okuhle.

Lo mjaho uphinde waqinisa umyalezo wokuthi ezemidlalo ziyithuluzi elibalulekile ekukhuthazeni impilo enempilo, ubumbano emphakathini, ukuthuthukiswa kwamathalente entsha kanye nokwakha umphakathi ophephile.

Recent News

follow us

opinion

Recent News

Subscribe and be informed first hand about the actual local news

All the day’s headlines and highlights. Direct to you every morning.

You have been successfully Subscribed! Ops! Something went wrong, please try again.