Umcimbi wokubungaza ingqophamlando

ISIKOLE saseNtsikeni Senior Secondary eMzimkhulu besinomcimbi omkhulu wemikomelo nowokubungaza ingqophamlando.

Iminyaka eyishumi ilandelana sihamba phambili ngemiphumela kamatikuletsheni. Lo mcimbi bowuhlonipha ukuzibophezela kwabafundi, ukuzikhandla kothisha, kanye nokusekela komkhandlu olawulayo wesikole nokwesekwa ubuholi bomdabu.

Ukwesekwa umasipala waseMzimkhulu lapho iMeya Jabulile Msiya kanye noMphathi kaMasipala uDr Christopher Ngqoyiya akusalanga ezikhulumini.

Uthisha-nhloko uzwakalise ukubonga okukhulu kubasebenzi nabafundi, egcizelela ukuthi lokhu kuphumelela akuyona into ayenze yedwa kodwa kungumphumela wokubambisana njengeqembu.

Ngesikhathi somcimbi, uMeya uMsiya uncome kakhulu ubuholi balesi sikole waphinda wagqugquzela abafundi bamanje ukuba balandele ezinyathelweni zalabo abaphumelele ngaphambi kwabo. 

Recent News

follow us

opinion

Recent News

Subscribe and be informed first hand about the actual local news

All the day’s headlines and highlights. Direct to you every morning.

You have been successfully Subscribed! Ops! Something went wrong, please try again.