Umasipala uqwashisa ngezenhlekelele

UKUGUQUGUQUKA kwesimo sezulu kuhambisana nezinhlekelele zemvelo abantu okufanele bazivikele kuzo. Lona kube wumlayezo kaMeya waseHarry Gwala uZamo Nxumalo emcimbini wokuqwashisa ngezinhlekelele obuse Mzimkhulu.

UNxumalo uchazile ukuthi njalo ngo-Okthoba umhlaba wonke ugubha usuku lokuxwayisa ngezinhlekelele.

Ugxile ezinhlekeleleni ezenzeka emakhaya ezingagwemeka. Uphiko lwezinhlekelele kuMasipala waseHarry Gwala nobeluvela kuhulumeni wesifundazwe lufundise abantu ngobungozi bokungacenti amagceke njengoba kwenza ukuthi amanzi angagelezi kahle kodwa ahlale egcekeni aze angene endlini uma lina ngamandla. UBheki Phungula ophethe uphiko lwezinhlekelele eMnyangweni wokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal ucele abantu ukuthi bazivikele ngoba njengoba isimo sezulu siguquguquka kuzoshisa kakhulu, kune imvula ehambisana nokuduma kwezulu.

Ucele ukuthi bangahambi uma kungenasidingo futhi balinde imifula yehle ngaphambi kokuyiwela noma ukuhamba emabhulohweni ngezimoto.

Abalimayo ucele ukuthi balime ekuseni ngoba ilanga lizoshisa ngendlela engabekezeleleki.

Abantu baxwayisiwe nangobungozi bokushiya amanzi emiphongolweni ezobeka impilo yezingane engcupheni njengoba zigcina ngokuminza.

IMeya iye yathola ithuba lokukhombisa ongakwenza ukuzivikela emlilweni we-gas nokuyicisha ngendlela ephephile uma isivutha amalangabi.

UNxumalo ukhulume ngokubaluleka kokuphepha njengoba ukuguquguquka kwesimo sezulu kuletha imvula ena ngamandla. Okutholakala ukuthi ngosuku olulodwa kuna imvula yezinsuku eziyisikhombisa.

Ugcizelele ukubaluleka kokulalela izixwayiso ngesimo sezulu nokwakha izindlu eziqinile, ezingeke ziguguleke noma zibhidlike uma kuna imvula.

“Uma sakha kufanele sakhe izindlu eziqinile. Singakhi ngezintingo ngoba zidliwa wumuhlwa futhi nodaka lubamanzi uma seline kakhulu. Kufanele sakhe izindlu ezizohlala isikhathi eside. Izindlu ezibunjiwe, zaplastelwa,” kusho yena.

Ugqugquzele ukuthi abantu babuyele emasisweni balime bayeke ukuthenga ngisho iklabishi esitolo ngoba loko kwenza abantu babe ntekenteke.

Recent News

follow us

opinion

Recent News

Subscribe and be informed first hand about the actual local news

All the day’s headlines and highlights. Direct to you every morning.

You have been successfully Subscribed! Ops! Something went wrong, please try again.