UMTAPO wolwazi kaMasipala waseDr Nkosazana Dlamini Zuma uqalise uhlelo olukhulu ukukhuthaza ukufunda, ukubhala kanye nokukhulisa ulwazi kubafundi bezikole zasendaweni.
Lolu hlelo lubanjelwe eHimeville Hall futhi luhlose ukukhuthaza ukufunda. Izikole ezibambe iqhaza zifaka phakathi iNtwasahlobo High, Ralph High, Mvimbela High kanye neSkofil. Abafundi babonakale bejabule kakhulu ngesikhathi beqhudelana futhi bezibonakalisa ngamakhono abo, kuyilapho izethameli zikhuthazwa ngokubona intsha ibonisa isasasa emfundweni.
Lo msebenzi wenziwe waba yimpumelelo uholwa ikhansela leWadi u Cllr Ntshiza kanye no Cllr Mlibeni nabasebenzi bakamaspala kanti bekukhona neFanelesbonge Organisation kanye ne-ESINAM, okungabanye babaxhasi abaqavile, abenze ukuthi lolu hlelo lube yimpumelelo. Kuphinde kwaba nemiklomelo ehloniphekile ehlinzekwe kubafundi abaphumelele.
Phakathi kwemiklomelo ebeyabiwa kubalwa obhaka, ama-calculators, amadayari, amapeni kanye nezinye izinto ezizosisiza abafundi ezifundweni zabo.
UMasipala usebenzisa lolu hlelo hhayi nje kuphela ukukhulisa ikhono lokufunda nokubhala kodwa futhi ukwenza ukuba izingane zizizwe zikhuthazekile futhi zibone ukubaluleka kwemfundo.

