Kunikezelwe ngeholo lomphakathi

UMPHAKATHI wase Ward 7 eKwamaduna ngaphansi komasipala waseMzimkhulu ugubhe ukunikezelwa ngokusemthethweni kweholo lomphakathi elisha okuyingqalasizinda ezokwenza ngcono izimpilo zabantu ngokuhlinzeka ngendawo efanele yokubanjelwa imihlangano, izinhlelo zokuthuthukisa amakhono kanye neminye imicimbi yomphakathi.

Ngaphansi komoya wokuthuthukisa umphakathi owashiywa yiqhawe lomzabalazo namalungelo abantu uDkt. Nelson Rolihlahla Mandela, iMeya yoMasipala waseMzimkhulu uJabulile Msiya ihole umcimbi wokunikezela ngokusemthethweni leli holo emphakathini.

Ekhuluma emcimbini iMeya uMsiya inxuse umphakathi ukuthi uvikele futhi unakekele lesi sakhiwo ukuze siqhubeke sisiza izizukulwane zamanje nezizayo.

“Leli holo ngelabantu bonke baseWard 7. Malibe yindawo enihlangana kuyo, nixoxisane ngezindaba zentuthuko, nithuthukise amakhono enu futhi nisingathe imicimbi ezokwakha umphakathi obumbene. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi nilivikele, nilinakekele futhi niziqhenye ngalo, ngoba liyifa lenu nonke,” kusho uMsiya.

Ukwakhiwa kwaleli holo kwaqala ngoSepthemba wonyaka odlule. Nakuba iphrojekthi yabhekana nezinselelo ezidalwe izimvula ezinkulu nezimo zezulu ezingezinhle zaholela ekubambezelekeni kokuphothulwa komsebenzi, ithimba elaliphethe lo msebenzi kanye nosonkontileka basebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi iholo liyaqedwa futhi selikulungele ukusetshenziswa.

INkosi uZulu incomile ukuphothulwa kwaleli holo yathi liwubufakazi bokuzibophezela komasipala ekuletheni ingqalasizinda nasekuthuthukiseni izinga lempilo yomphakathi.

Leli holo kulindeleke ukuthi lisetshenziselwe imihlangano yomphakathi, izinhlelo zokuthuthukisa amakhono, imicimbi yomphakathi kanye neminye imisebenzi ezoqinisa ubumbano futhi ilethe intuthuko kubo bonke abantu base Ward 7.

Recent News

follow us

opinion

Recent News

Subscribe and be informed first hand about the actual local news

All the day’s headlines and highlights. Direct to you every morning.

You have been successfully Subscribed! Ops! Something went wrong, please try again.