Siphelele Nketo
UDOKOTELA Nkosazana Dlamini-Zuma umeme wonke amakhosi, izinduna kanye namakhansela ngaphansi kaMasipala iDr Nkosazana Dlamini-Zuma emhlanganweni obanjelwe eBulwer ukuxoxisana ngezindlela zokuthuthukisa ukukhiqizwa kwezilwane nezitshalo.
Lomhlangano ugxile ekuthuthukiseni umnotho wasemakhaya, ukudala amathuba emisebenzi kanye nokuqinisekisa ukuphepha kokudla emphakathini.
Abaholi bendabuko kanye namakhansela babe nethuba lokwabelana ngemibono, izinselelo kanye nezixazululo ezingaqinisekisa ukuthi lo mkhakha uyakhula futhi uyasiza emphakathini.
UDlamini-Zuma ugcizelele ukubaluleka kokusebenzisana phakathi kukahulumeni, abaholi bendabuko kanye nomphakathi ukuze kuthuthukiswe ezolimo ngendlela esimeme.
Uphinde wakhuthaza ukuthi kusetshenziswe izinsiza ezikhona ngendlela efanele ukuze kuthuthukiswe umkhiqizo nokusimama kwezinhlelo zokulima nokufuya.
Umhlangano uphinde wagcizelela isidingo sokuqeqeshwa kwabafuyi nabalimi, ukwesekwa ngezinsiza kanye nokwandisa amathuba emakethe ukuze kuthuthukiswe impilo yabantu bendawo.

