Imindeni ihlonishwe ngezindlu

UMASIPALA wase Mzimkhulu unikezele ngezindlu ezintsha emindenini emihlanu yakwaDayi nalapho kulo mcimbi bekukhona iMeya Jabulile Msiya.

Imindeni ehlomule ngalezi zindlu ibalwa eyakwaDladla, eyakwaDlamini, eyakwaChemane kanye neyakwaMbhele.

Lezi zindlu bezinempahla yasendlini, okubalwa kuyo imibhede nezinye izidingo ezizosiza imindeni ukuthi ikwazi ukuqala impilo yayo emakhaya amasha. Umaspala uphinde wanikeza imindeni yonke emihlanu amaphasela ukuze iyisize ngezidingo zokudla ngesikhathi iqala ukuhlala kulezi zindlu.

Lo mcimbi ube yisikhathi senjabulo nethemba elisha kubahlomuli, njengoba sebethole amakhaya aphephile, ahloniphekile futhi azonikeza imindeni yabo indawo engcono yokuhlala.

Ekhuluma ngesikhathi kunikezelwa ngezindlu, iMeya uMsiya izwakalise ukuziqhenya ngenqubekela phambili eyenziwayo ekuhlinzekweni kwezindlu emiphakathini eyahlukene engaphansi kukanmasipala.

“Sekudluliselwe izindlu eziningi emiphakathini, okuyinto ekhombisa ukuzibophezela kwethu ekuthuthukiseni izimpilo zabahlali. Siyagcizelela ukubaluleka kokuthi abahlomuli bazinakekele kahle izindlu abazitholile ukuze zihlale zisesimweni esihle. Sibonga kakhulu uMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu ngeqhaza lawo elibalulekile ekuhlangabezaneni nezidingo zezindlu nasekuthuthukiseni izimo zokuphila emiphakathini yethu,” kusho iMeya.

Ekhuluma egameni labahlomuli uMnu Dlamini ubonge umasipala nabo bonke ababambe iqhaza ekwenzeni ukuba bathole lezi zindlu.

Uveze ukuthi ukuthola ikhaya eliphephile nelinesithunzi kuzoguqula izimpilo zabo futhi kubanikeze ithemba lekusasa elingcono.

Recent News

follow us

opinion

Recent News

Subscribe and be informed first hand about the actual local news

All the day’s headlines and highlights. Direct to you every morning.

You have been successfully Subscribed! Ops! Something went wrong, please try again.