Ukhisimusi esheshe wafika

KUBONAKALE izinyembezi zenjabulo nemiyiyizelo yentokomalo kade kunikezelwa izindlu ku Ward 8 endaweni yase Ngunjini eMzimkhulu. UNgqongqoshe woMnyango weZindlu nokuHlaliswa koMphakathi Siboniso Duma ephelezelwa yiMeya yesiFunda saseHarry Gwala uZamo Nxumalo, iSekela Meya Nosisa Jojozi, iMeya yase Mzimkhulu Jabu Msiya uqophe umlando ngokunikezela kwezindlu ngaphansi kohlelo o ludume nge Operation Siyahlola.

Eminye yemindeni ehlomulile yimindeni yaka Shingo neyaka Dlamini. uGogo waka Shingo kumthinte kakhulu lokhu njengoba ekhulisa abazukulwana ababini . Uphawule ngelithi ukunikezelwa kwandlu kunika yena nomndeni wakhe isiqinisekiso sokuphepha nokukhulisa abazukulu endaweni ephephile.

Umndeni wakaDlamini ubeke ukuthi ukusukela manje angeke baphinde bethuswe yizimvula nezimo zezulu njengaphambilini. Ekhuluma kulomcimbi, uNgqogqosge uDuma ugxininise ukubaluleka kokubonelela ngezindlu kubona bonke abantu.

Uphinde waqinisekisa ukuzibophelela kukaHulumeni ekusheshiseni loluhlelo lokwakhiwa kwezindlu.

IMeya yaloMasipala waseMzimkhulu uMsiya uqale ngokushayela uNgqongqoshe izandla ngokuthi agcine ekwazile ukuzonikezela ngezindlu ngokusemthethweni. Uphinde wabongela lemindeni ehlomulile.

Recent News

follow us

opinion

Recent News

Subscribe and be informed first hand about the actual local news

All the day’s headlines and highlights. Direct to you every morning.

You have been successfully Subscribed! Ops! Something went wrong, please try again.