Umaspala uqhakambisa ezokuvakasha

UMASIPALA wase Mzimkhulu usulungiselela umkhosi wokuqhakambisa ezokuvakasha, amasiko, amagugu kanye namathuba omnotho atholakala.

Lomkhosi kulindeleke ukuthi uhehe izivakashi ezivela ezindaweni ezehlukene, kanti izinhlelo zalo nyaka zizogxila ekuzijabuliseni nasekukhuthazeni ezokuvakasha endaweni. Lo mkhosi osewungene onyakeni weshumi, ngomhla ka-4  kuMandulo uzonika ithuba lokuthi umphakathi, izivakashi kanye nababambe iqhaza bahlanganyele ekwamukeleni lo mgubho weminyaka eyishumi.

Ngomhla ka-5, lomkhosi uzodonsa abathandi bemijaho yamahhashi kanye nezivakashi ezivela ezindaweni ezahlukene, ze uvalwe ngomhla ka-6 ngezinhlelo lapho izivakashi zizothola khona ithuba lokuzijabulisa ngesikhathi zijabulela ubuhle bendawo yase Mzimkhulu.

Ekhuluma nezintatheli uMeya kaMasipala wase Mzimkhulu Cllr Jabulile Msiya ugcizelele ukuthi ukufinyelela eminyakeni eyishumi kuyigxathu elibalulekile emlandweni walo mkhosi.

Uqhubeke wathi lo mkhosi awugcini nje ngokuba umcimbi wokuzijabulisa kodwa uyinkundla yokukhuthaza ezokuvakasha, ukuxhasa osomabhizinisi bendawo kanye nokuvula amathuba abathengisi, abaculi kanye nabanye ababambe iqhaza emnothweni wendawo.

“Lo mkhosi usinikeza ithuba lokukhombisa ubuhle, amasiko kanye namagugu ase Mzimkhulu,” kusho uMsiya.

UMasipala unxusa umphakathi wase Mzimkhulu kanye nezivakashi ezivela kulo lonke elase KZN nakwezinye izingxenye zezwe ukuthi bazoba yingxenye yalo mgubho obalulekile.

Recent News

follow us

opinion

Recent News

Subscribe and be informed first hand about the actual local news

All the day’s headlines and highlights. Direct to you every morning.

You have been successfully Subscribed! Ops! Something went wrong, please try again.