UMASIPALA waseMzimkhulu ubambe ngempumelelo umhlangano ovulelekile womphakathi eWard 10 ngenhloso yokuqinisa ukubambisana nomphakathi kanye nokwazisa izakhamuzi ngokusebenza komkhandlu nezinhlelo zentuthuko.
Lo mhlangano obuhanjelwe amalungu omphakathi, amakhansela, abaqondisi bakamasipala, izinhlaka zikahulumeni kanye namakhosi, unikeze ithuba lokwethulwa kwesabelomali sikamasipala sonyaka wezimali ka-2026/2027 kanye nohlaka lwezimali lweminyaka emithathu.
IMeya uCllr Jabulile Msiya iphinde yethula umbiko wenqubekelaphambili yamaphrojekthi engqalasizinda, oveze amaphrojekthi asephothuliwe kanye nalawo asaqhubekayo emiphakathini ehlukene kamasipala.
USomlomo womkhandlu uCllr Gugulethu Mavuma ubalule ukubaluleka kokubamba iqhaza komphakathi ezinhlelweni zikamasipala wanxenxa izakhamuzi ukuthi ziqhubeke nokusebenzisana nomasipala ekwakheni umzimkhulu ongcono.
Lo mhlangano uqhubeke nokuqinisekisa ukuzibophezela kukamasipala waseMzimkhulu ekuphathweni ngendlela esobala, ekulethweni kwezinsiza, nasekuthuthukiseni izimpilo zabantu.
