Usuku lwamalungelo abantu

UMASIPALA waseDr Nkosazana Dlamini-Zuma ubambe umcimbi wokukhumbula usuku lwamalungelo abantu kanye nohlelo lokuqwashisa emphakathini eNomandlovu ngaphansi kukaWard 14.

Isigaba sokuqala sohlelo siqale ngokunikezwa kwezinto zokweseka i-Siyasimama Creche ngenhloso yokweseka intuthuko yezingane ezincane emphakathini.

Lokhu kubonisa ukuzibophezela kukamasipala ekuthuthukiseni ikusasa lezingane kanye nokuphucula izimo zemfundo kusukela ebuncaneni.

Isigaba sesibili sohlelo siqhubekele eNomandlovu Community Hall lapho kube khona izethulo ezivela kwizinhlaka ezahlukene zikahulumeni.

Lezi zethulo zigxile ekuqwashiseni umphakathi ngamalungelo abantu, ukubaluleka kokuwahlonipha, kanye nezindlela zokuwavikela nokuwasebenzisa empilweni yansuku zonke.

Lo mcimbi ubuholwa iPhini leMeya uKhansela Kholeka Hadebe ehambisana namakhansela: Sikhumbuzo Mlibeni, Basil Ntshiza, Mthobisi Dlamini kanye noThandazani Mdladla.

Uhlelo luphinde lwahlonishwa ngokuba khona komholi wendabuko okugcizelele ukubaluleka kokubambisana phakathi kukahulumeni nomphakathi.

Recent News

follow us

opinion

Recent News

Subscribe and be informed first hand about the actual local news

All the day’s headlines and highlights. Direct to you every morning.

You have been successfully Subscribed! Ops! Something went wrong, please try again.