Kuzolungiswa amaholo

NGEPHIMBO lemeya yomasipala waseMzimkhulu uJabulile Msiya, umasipala waseMzimkhulu usemgqigqweni wokuqinisekisa ukuthi okungenaneni iWard neWard ineholo layo elisesimweni esifanelekile.

Ekuphusheni lomgqigqo, kutholakale ukuthi kukhona amaholo angasekho esinweni esifanele.

Ngenxa yokuthi lokho kuthunaza isithunzi somphakathi uma kumele kwenziwe imicimbi noma kuhlale imihlangano nokunye okuningi, sekuqalwe nolunye uhlelo lokubhekana ngqo nalamaholo alimele.

Bekwethulwa osonkontiileka abalungisa amaholo amabili ngokwehlukwana kwabo. Liholo lase Ward 10 – Sisonke Community Hall, kanye neholo lase Ward 14 – Gugwini Community Hall.

“Ngokukhulu ukuzithoba, sicela umphakathi owakhele kulama Ward unakekele lamaholo ukuze uhlelo kanye nezimali zalomasipala zingamosheki” kunxenxa imeya yalomasipala  uMsiya.

Recent News

follow us

opinion

Recent News

Subscribe and be informed first hand about the actual local news

All the day’s headlines and highlights. Direct to you every morning.

You have been successfully Subscribed! Ops! Something went wrong, please try again.