Imeya ivakashele umfuyi wezinkukhu

IMeya yase Johannes Phumani Phungula Local Municipality uKhansela Bathobile Ngubo ephelezelwa yiphini lakhe uZinhle Miya, usihlalo wekomidi lezokuThuthukiswa koMphakathi neNhlalakahle, uCynthia Ntabeni kanye nekhansela lakuWadi 3 uSibusiso Mbatha bavakashele umfuyi wezinkukhu eMashakeni.

Le ndawo iphethwe nguMnumzane Kwanele Ndlovu ongusomabhizinisi kwezokulima, ophinde aqhube uhlelo lokufundisa izakhamizi ukufuya izinkukhu.

Lolu hlelo luhlomisa izakhamizi nentsha ngolwazi olunzulu lokufuya izinkukhu ezikhiqiza amaqanda.

IMeya uNgubo income ukuzinikela kukaMnu Ndlovu ekuthuthukiseni intsha nasekufukuleni abantu bendawo.

“Lolu wuhlobo lohlelo oluholwa ngumphakathi esiludingayo kuMaspala wethu, olungagcini nje ngokuqinisa umnotho kodwa olunikeza abantu amakhono okuziphilisa”.

Ubuholi bukamasipala buphinde bagcizelela ukweseka abalimi abasafufusa kanye nezinhlelo zokuqeqesha ezifaka isandla ekuvikelekeni kokudla, ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi, kanye nokuthuthukiswa kwamakhono emiphakathini yasemakhaya.

Recent News

follow us

opinion

Recent News

Subscribe and be informed first hand about the actual local news

All the day’s headlines and highlights. Direct to you every morning.

You have been successfully Subscribed! Ops! Something went wrong, please try again.